Izithakazelo zakwa Mkhwanazi / Mkhwanazi Clan Names / Mkhwanazi Praise Names
Abakwa Mkhwanazi
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.
Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.
Abakwa Mnqobokazi,U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.
Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
Izithakazelo Zakwa MKHWANAZI
Speshu,Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwali yenkosi,
Ndonga,
Shamase,
Mwelase,Sontuli,
Somkhelele,lele,Khowa,
Mayanda ,Dlepu Weba Swati,
Wena Owagula Wamisi Ntamo,Mashuku mbenya,Mthendeleka,
Mtuba tuba, Wena Wawulobolela Amadoda,Wena Wathenga Istimela,Nine Mali, Nina Bakwa Mkhwanazi, Veyane,Mpande Yamadoda,Mpande Ayiphikiswa,Oyiphikisayo Uyazithwala,Gwagwa Liya Gwagwa ,Mbane Wezulu
,wena Wancipha Ngomkhonto eSkhwephesin Kwa Phepha Inkosi
Yama Ntungwa,Owasingathi Ihwahwa Kodwa wanga lidluliseli Emlonyeni,Mgidla,Lomafu,Nkwenkwezi,Sikhumba Kamthethwa,Kamante wane Gagisa,Shiba Omkhulu
Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,
Mwelase,
Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis’intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,
Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!
Siyabonga nina Nkwali yeNkosi yebuzelikhulu, inyoni engadliwa abafokazana kodwa idliwa ngamakhosi,nina enagawula umhlanga kwavela amabuzabuzane ,abanye babezitwele abanye bezibeletha nina enithungelwa osondweni lwengubo niphelele. Nkwali yeNosi,Shamase,Ndonga-Mayoya-Magongobalana-Keresi-Mavuso,(Paul,Khothikhothi,Mntatela)(Ndabambi, Mgqibelo-(Mkhuhlane,Khehla)(Mkhuhlane-Mgqibelo,Dumisane,Bafana)
Spheshu – Madubandlela – Somlomoti – Sodilakazi – Nkwali yenkosi – Ndonga
Shamase
Mwelase – Sontuli – Somkhele – Khowa – Mayanda – Dlebhu wabeSwazi
Wena owagula wamisa intamo
Mashukumbela – Mthendeleka – Mtubatuba
Wena owawulobolela amadoda
Wena owathenga istimela
Ninemali nina Bakhwanazi
Veyane
Mpandeyamadoda, Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyen
Mgidla – Lomafu – Nkwenkwezi
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane
Gagisa
Ngibingelele
Muhle Umlambo noma ubuye uphambane njengo Mpukunyoni akusiye uMkhwanazi abaKhwanazi bafikela esizweni sakwaMcambi okuyibona oMpukunyoni
Mdolomba ngowakwaMyeni wayakhe mpumalanga naMacambi akengime lapha