Izithakazelo zakwa Ngubane / Ngubane Clan Names / Ngubane Praise Names
abanye baqhubeka bathi;
Mabhala Ngozipho amanye amadoda abhala ngepensili
Nogwaja wezikhundlakhundla
Esinye esokulala,
Esinye ngesothamela ilanga
Esinye Ngesokubalekela izinja
Mgwazi kaqhaqha
Gidli mbhede emva kwendlu KaMaNdlovu
Zinja Ziwukhwintshile unogwaja kanti zikhwintshe umsila
NoVanzi omuhle ngomlenze
angazi ke lapho
Ngubane
Mbovu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu, Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane, Ngogozabantu,
Nomasikisiki, nyon’ esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl’ amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcwingcw’ ephuza kwezid’ iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!
Izithakazelo zakwa Ngubane
Mbomvu – Somahhashi – Nyoniyezwe – Nomafu – Myaluza – Ngcukumane
Zikode elimhlophe
Matomela – Nzombane – Ngogozabantu – Nomasikisiki
nyon’esindwa isisila sayo
Ndoda kaNyamazane
KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane
Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi
Nomaphikwane