Izithakazelo zakwa Nxumalo / Nxumalo Clan Names / Nxumalo Praise Names
Zwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.
Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.
Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?
Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu.
Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa
Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.
Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.
Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
“Kade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!
Zwide kaLanga
Ndwandwe
Mkhatshwa
Okhabangezinde nezimaqhukubezana
Nkabanhle
Wena wase Gudunkomo
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele
Sandla sivikumkhonto njengehawu
Hlubi
Sandla simnene
Somaphunga
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo