Izithakazelo zakwa Phakathi / Phakathi Clan Names / Phakathi Praise Names
Phakathi,
Mncwango,
Mpangazitha,
Maqayiya,
Nkombeziluthuli,
Masalakuboshelwa,
Gomaza,
Quda,
Bhebhedu!
Ingabe ukhona yini owaziyo ukuthi bukhona na ubukhosi ba Kwa Phakathi.
Thina si la e Swazizi sizwa ngandlebenye ukuthi buse Natali.
Izithakazelo zethu zithi
Phakathi
Nyandeni
Mashobane
Nkondlwane
Sila zitha ka Sthole
Inkodlwane eyafela futhi kubafokazana
Unobulawa yindlala yemikhonto abanye bebulawa eyamabele
Nonkozi
Mpangazitha
Yes bukhona ubukhosi bakwa Phakathi. They originate from the south coast in Kwa Zulu Natal. Phakathi, Mnguni, Nonkosi, Mnguni omuhle nezitho zakhe, Mnguni ka Yeyeye.Ok
ngicela ningisize ningichazele ukuthi abakwaphakathi kanti akubona yini ozwide
Ngicela onesithakazelo sakwa phakathi mnguni angiphe zona siphelele nginenkinga my email address [email protected]
Hi sisters, did you ever get isithakazelo sakwa Phakathi abe Nguni? I am also struggling with that one and every time I search its a different one from what I know. My email is [email protected]. Thanks
Mina engisaziyo sithi Phakathi mnguni nabonkosi mfazi omabele made ancelusa umtwana ngaphesheya komfula sbhamu esakhala ekseni sazwakalwa kanyabela wena malale hawini avukele khona mnguni awngangani ngoba basentendeni yesandla uyanela mnguni kayeyeye.
Ngicela owazi owazi izithakazelo zakwa Phakathi eziqal kanje
Phakathi
Nonjenga
Mwelase
Madolo mase
Mahlafuna ngekhala abanye behlafuna ngomlomo
Wena ongaweli ngazibuko
Nazi engizaziyo
Phakathi, Mngunikazi, Nonkos’omuhle, Jiba ongadliwa zinyoni, eziwudla ziwushiyelane. Abalobola ngemkhonto abanye belobola ngezinkomo. Mhamuse
Izithakazelo zakwaPhakathi engizaziyo mina ilezi:
Phakathi, Mpangazitha, Mchumase, Doyikazi, uMnguni omacosololo, Mjaji, Zwide, Mncwango
Nina bakwaMthentuhlab’ usamila
BakwaJuqu lodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane
Ingabe ooPhakathi ngamaZulu noba ngama Hlubi and ithini mvelaphi yabo