Izithakazelo zakwa Phakathi / Phakathi Clan Names / Phakathi Praise Names
Nkosinami Answered question January 25, 2022
ngicela ningisize ningichazele ukuthi abakwaphakathi kanti akubona yini ozwide
ZANDILE PHAKATHI Posted new comment August 2, 2022
AbakwaPhakathi badabuka kwiNkosi uPhakathi I kaSomgubela kaNhlabathi kaThekela kaMfekaye kaMncwanga kaLanga I kaMkhonto kaSkhova kaNdwandwe.
Kukhona uPhakathi wesibili kaNsiba kaMjaji kaKhalishwayo (Ngotshane) kaMzingeli kaFunjwa kaNdaba kaZwana kaSomgubela kaNhlabathi kaThekela kaMfekaye kaMncwanga kaLanga I kaMkhonto kaSkhova kaNdwandwe.
uMpangazitha kaMnqumbatha kaMzingeli kanye noPhakathi kaNsiba babeziNduna ezinkulu embusweni weNkosi uZwide kaLanga II kaXaba kaLudonga kaMavuso kaPangode kaSidinane kaLanga I kaMkhonto kaSkhova kaNdwandwe. UMuzi wasemaNcwangeni wakhiwa iNkosi uLanga I kaMkhonto ebese kuthi uMuzi waseGundunkomo wakhiwa iNkosi uLanga II kaXaba owadabula isizwe samaNdwandwe. AbakwaPhakathi banobukhosi obuthathu esibongweni sabo bebodwa bengakohlangani nobuKhosi bezinye izibongo ezizalwa emaNcwangeni njengoMfekane, Mzimela, Msane, Jele, Gumbi, Mabaso, Mncwango, Mjaji kanye nenqwaba yezinye. UMuzi wamaNcwangeni kwakuyiHlalankosi leNkosi uLanga I owayeyiNkosi yamaKhosi yokugcina yokuhola isizwe sabeNguni sihlangene. UMbuso wakhe wawusuka ezindabeni zoBombo eMocambique udle ingxenye yeZimbabwe njengoba kukhona abakaLanga (Bakhalanga) abakhe imbuso khona, igudle ize iyoma ngezwe lamaXhosa eWestern Cape. Ngakhoke abakwaPhakathi bazalwa eNdlini enkulu yabeNguni bonke jikelele, yikho kthiwa oPhakathi wakoNkosi.