Izithakazelo zakwa Qwabe / Qwabe Clan Names / Qwabe Praise Names
Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
Gumede
Wena kaMalandela kaluzumana
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni
Wena owabuza intaba ngabomu wathi “ntabani leya?”
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi
Mpangazitha ozikhangayo
Mnguni kaYeyeye
Khondlo
Wena kaNjakaba kaSophana
Meseni kaMusi
Mkhayiphe kaGodolozi
omunye umlando ngalesibongo ungawuthola lapha 👉 https://en.wikipedia.org/wiki/Qwabe