Izithakazelo zakwa Thusini / Thusini Clan Names / Thusini Praise Names
BoDonda ninjani? Mina nguBrian Thusini.elezinsizwa uSdikadika senkunzi abasidle baze basishiyelana igqukuva inkomo engenazimpondo egqubuza ngebhayibheli ezinyezigqubuza ngeziphongo.umagqoka amajezi amaningi umakuyihlobo ebusika abhathe ivesit.indidane yenkonyane elehlula abelusi.umabheka phansi ungaze uzitshene ukuthi impatha Kanti qha ufihle induku emqubeni.isifalakahlane senyanga esazunywa ubuthongo sivakashelwe intombi yaphesheya mkombabhagwe kwaze kwasa intombi iyoba yoba yodwa.umahloma emzini yabantu njenge gudwane.isilwane esinamandla ekwehleleni nasekwenyukeni obuza ababe ngenhla ngoba ngabedlula.umalamba aze adle uzephu bebhulukwe lakhe.umalapha ngomthandazo kuze kudinwe abethongo bethiAmen.kazi aniwushongani Aman Aman….Kahle
THUSINI MLABA DONDA MZOMBI,MBEMBESI,ONEYIGQOZA EZIMAGOLO ABOMVU ,MSHELWANE,DAMBISA WENA OWADAMBISA IMPI EYAYESIHLULE AMABHUNU.ngeke ngsaqeda ngyama lapho uma ufuna ukwaz call me at 0721428816
Thusini,Mlaba,Mshelwane,Donda,Sibele sika Jadula,Mzombi,Somadise,Ximba,DambisaIncuncu ephuza kwezind’iziziba ngoba kwezimfishane inqundeka umlomo ibuye nodaka.Mpampatha oluhlazana owakhwel’emthini ungenanyawo.