hi bengicela kuth thina kwa Xaba sihlukile na kuno Xaba abathi mabethakazelwa bafake u Shwabade. ngoba ekhaya kith kwa Xaba sifaka uMthiyane
Othi ngize naze mese ngiyakuchazela mfo
XABA
SHWABADA
NONKOSI
WENA OWASHWABADELA INKOMO NEZIMPONDO ZAYO
WASHWABADELA INHLUBU NAMAKHASI
WASHWABADELA ISINKWA SEBANDLA
BASE BETHI SIDLIWE UMNTWANA
KANTI SIDLIWE UMLANDAKAZI
MBOKOZINDE
MLOTSHWA
NINA BAKWA SINXA SIYAKHATHALA YINI
WENA NOMASIKISIKI
INYONI ESINDWA ISISILA SAYO
NONKOSI OMUHLE NONYAWO LWAKHE
NZALA IBUSA NGOKUNCISHANA
NB. [Mthiyane! Nginikeza!]
Lezi zithakazelo ezimbili ezingenhla ziyasebenza kwezinye izingxenye zezwe, kuphela nje ukuthi aziqhakambanga kwezinye. ‘UNginikeza’ kanye ‘noMthiyane’ kwakungamanye amakhehla aphuma ozalweni lwaka Xaba ezindaweni ezithile, emva kokuba umndeni ususabalele kakhulu nezwe. Ngakho iningi lethu alijwayele ukuzisebenzisa. Okumnandi nokumele sigxile kukho ukuthi sonke siwuXaba, sisibongo sinye, ngalokho simunye, singumuntu munye. Isithakazelo which can be regarded as a common denominator ileso esithi ‘NONKOSI’ bese kuba ileso esithi ‘SHWABADA’ noma ‘SHWABADE’. Isithakazelo esithi ‘NONKOSI’ siphinde sisetshenziswe nangabantu bakwa Msimanga noma Msimango. Omunye wobaba bakwa Xaba wangitshela ukuthi abakwa Msimanga badabuka kwaXaba. Kuthiwa omunye wabafowethu emndenini wakwa Xaba waganga nomunye udadewethu khona ngaphakathi emndenini, ngalokho base sebeyaxoshwa. Emva kokuganga kwabo kwase sekukhuzwa kubatshazwa, uma kubatshazwa kwabe sekuthiwa ‘Isimanga!’ Kuthiwa saqhamuka kanjalo-ke isibongo sakwa Msimango. Kwathi-ke uma sebexoshiwe baphuma nesithakazelo sethu esithi ‘NONKOSI’ njengoba besasisebenzisa ngisho nakalokhu.
Nazi engizaziyo mina
Nonkosi
Mashwabada
Owashwabadela izindlubu namakhasi
Washwabadela inkomo nezimpondo
Wena owasobodela indlubu namakhasi
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe umtwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi
Nomboko zinde
Mlotshwa
Nina bakwaSinxe siyakhathala
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe
Zala kubusa nokuncishana
Bengicela ungazisa ubuhlobo obukhona phakathi kwabakwa Xaba,Mlotshwa kanye noMsimango ngyabonga🙏
Nonkosi unjani
Ngithanda imizamo yakho
Uthi bewazi ukuthi ngaphezu kwezi
Thakazelo thina maShwabade sinezi thopho.umlando wethu usuka ema Ngwaneni,emaHlubini,emaZulwini uze ufike nakaXhosa
Ngiyabonga
Yimina uLangalibabe Xaba
Ngiyatholakala ku 0817548546
Xaba
Shwabade
Nonkosi
Owashwabadel’inkomo Ney’mpondo Zayo,
Washabadel’indlubu namakhasi.
Nina Abahlephul’isinkwa siyebandla
Bathi Sihleshulwe umtwana kanti Sihleshulwe NguMlandakazi
Mahlubi Amahle Anzipho Zimnyama Ngokuqhwayana!
Nonkos’omuhle Nonyawo Lwakhe!
Mbokozinde!
Mlotshwa!
Mthiyane!
Izithakazelo ezithi “Mthiyane” kanye no”Nginikeza” ziyasebenza kwezinye izingxenye zezwe, kuphela nje ukuthi aziqhakambanga kwezinye. ‘UNginikeza’ kanye ‘noMthiyane’ kwakungamanye amakhehla aphuma ozalweni lwaka Xaba ezindaweni ezithile, emva kokuba umndeni ususabalele kakhulu nezwe. Ngakho iningi lethu alijwayele ukuzisebenzisa. Okumnandi nokumele sigxile kukho ukuthi sonke siwuXaba, sisibongo sinye, ngalokho simunye, singumuntu munye. Isithakazelo which can be regarded as a common denominator ileso esithi ‘NONKOSI’ bese kuba ileso esithi ‘SHWABADA’ noma ‘SHWABADE’. Isithakazelo esithi ‘NONKOSI’ siphinde sisetshenziswe nangabantu bakwa Msimanga noma Msimango. Omunye wobaba bakwa Xaba wangitshela ukuthi abakwa Msimanga badabuka kwaXaba. Kuthiwa omunye wabafowethu emndenini wakwa Xaba waganga nomunye udadewethu khona ngaphakathi emndenini, ngalokho base sebeyaxoshwa. Emva kokuganga kwabo kwase sekukhuzwa kubatshazwa, uma kubatshazwa kwabe sekuthiwa ‘Isimanga!’ Kuthiwa saqhamuka kanjalo-ke isibongo sakwa Msimango. Kwathi-ke uma sebexoshiwe baphuma nesithakazelo sethu esithi ‘NONKOSI’ njengoba besasisebenzisa ngisho nakalokhu.
ngicela ongangichazela ngalezithakhazelo ezithi “Seme osenga ezakhe, ezabantu uyazesaba ngoba zinomsingilili, Nhlangothi, Solwayo, Nginikeza…”
Ngiyabingelela koNonkosi abahle bengicela ongazisiza ngomlando wethu wakwaXaba
As far as i know sisi..uXaba munye umhlaba wonke..so asehlukene kushiyana ulwazi nezindawo kphela