Izithakazelo zakwa Ximba / Ximba Clan Names / Ximba Praise Names
Ximba
Mlaba
Mungwe
Nodlela
Nina enadla isicaba nasidla nokusicazelana
Mbewumbili, nina abamhloshane abanye bemnyama
Luvuno, Nina enavuna umfazi aliwa
Nathi engahambi ngenxa yokuthi ugaya utshwala obumnandi
Thina singabakwa Ximba
Mlaba
Mabhoyi
Nodlela
Mbewumbili abanye bamhlophe abanye babomvana
nina enacaba isicaba ngokucazelana
Msuthu
Dumakude
Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama
Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa
Njono wena wase Mdlangweni
Luvuno wena owavuna abaliwayo
Mlaba
Ntungwa
Nondlela
Mzungulu
Mzazele
Msuthu
Thusi
Mabhoyi
Mungwe
Mbewumbili abamnyamana naba mhloshana
Nina enadla isicaba nasicazelana
Nina bakwalivunywa abavuma umfazi aliwa
Kushoda nje eziqoshiwe ngephimbo.ukuze sizokwazi ukwenza amaring tone ngezibongo zethu