Izithakazelo zakwa Xulu / Xulu Clan Names / Xulu Praise Names
Ngabe kuyiqinison ukuth abakwaXulu baphuma kwaZulu and abakwa Sikhakhane baphuma kwa Xulu?
Makhathini, Gxabhashe, Donda, Phuhla phansi okwe Khowa ndlovu, Donda wase Nkweleni, Jiba ongadliwa nyoni ezimdlayo ziyamcakafula, Nongalo, Msiyane, Madanga, Sonkophe nkophe zinde ezingalingani nezaba fokazane,
Zingena kuphi ezithi:
Inqungenqunge yakithi noMsweli noVezi emaqupha’mnyama ngoku zosela ebuso’bumnyama ngokuvuthela. Unababuyeli ba ngakhi babuyelu’muntu enza ngabomu
Mina ngiwakwaXulu kodwa isithakazelo sami sihlukile kunesakwaMsiyane. Ngizosibhala
Xulu
Makhathini
Mnguni
Gxabhashe
Nonkosi mazala nkosi ngokuzala
UnoZulu, sidangu kungebuhlalu
Maweza ziwele, zawela iMpofane
Zawela uThukela wohlo mathambo
Agcwala izintaba
Donda phuhla phansi njengekhowa
Kheswa.
Engifuna ukukwazi ukuthi yindlu yesingakhi kwaXulu kulesithakazelo engiqeda ukusibhala.
Ngiyabonga.
Makhathini
Gxabhashe
Donda wasEnkweleni
Khuhla phansi njenge khowandlovu
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo
Sonkophe
Sombizi
Is it Xabhashe or Gxabhashe… And is Jima part of isithakazelo sakwaXulu?
Kthiwa Phuhla phansi njengeKhiwa ndlovu….not khowa ndlovu angithi umkhiwa isihlahla esasisetshenziswa oGxabhashe emlandweni ngoba baziwa ngokwelapha … Umkhiwa ke ungawbona ukhona manje kyaba uyawbona awsekho isihlahla semilingo