Izithakazelo zakwa Ziqubu / Ziqubu Clan Names / Ziqubu Praise Names
Wendy Answered question January 14, 2022
Ngonyama yenduna mgidi katshana, wena waselanjeni. Wena kacasha eyidlile. Ninabophondo oluphambili. Nina bekunene.
Richard Answered question January 14, 2022
Ngonyama Yenduna
Mpangazitha
Joli Nabantu
Biyase
Mgidi KaTshana
Mamba Kayimudli, Umuntu imudla ngoba eyinyathela
Mesuli Answered question January 14, 2022
Kahle kahle isibongo sakwa Ziqubu siphuma esibongweni sakwa Sibisi,wothi ngisike elijikayo ubone: amakhosi akwa Sibisi-uBango ozale uNomashingili wazala uBhovungana wazala uMtshana wazala uMnqangi no Mgidi.
Akesizweke uma sebethakazela uZiqubu bathi:
Ngonyama,mpangazitha,Mgidi kaMtshana.
UMtshana kwakungowakwa Sibisiā¦.
Sakhile Posted new comment February 10, 2022
Mina ngokwami kwami noma engikwaziyo:uZiqubu uZiqubu kwaphela
Emandulo kudala Okhokho bokhokho basuka ezweni osekwabizwa ngo kuthi kuseEthopia manje ngaphansi kombuso wamaKhushe(read you Bible) beyodlula lapho osekuZambia manje behlisa izintaba zoBombo bangena ngalapho okuthiwa kuseSwazini manje baze bayozinza ezintabeni zaseNtabamhlophe babehamba nabaMbo kubaMbo kwakunezibongo eziningi singabala oMkhize, Dlamini, Ngwane, Ndwandwe nezinye izibongo.
uZiqubu lona uzala uNkunzembili Kuma Vezi,uNkunzembili yena azale uBhekikhaya kumaMlaba,uBhekikhaya azale uMEME, uMgudlukelwanoMpiyakhe
Basala endleleni abaningi ngoba kwakuhanjwa kuphunyulwa wakhiwa kuliwe basale empini bagule bafe. Lulude uhambo lweminyaka,
Kwafika umaMvelase nezingane zakhe eziinhlnuezinhlanu uMEME, uMgudlukelwa, uMpiyakhe, namantombazane uNdombi onmaMbushu
1.uMEME waganwa umaMemela Bazala uManyonyo, Masela, uMpethe noVele Igama lomuzi kukwaDwalaza
1.1 Waganwa umaDlamini Bazala uMvubu, Khesi Igama lomuzi kuseKuvikeni
2. uMgudlukelwa Waganwa umaMkhize Igama lomuzi kuseNsukangihlale bazalauBhekisizwe
Waganwa umaZondi bazala uMaqhude, uBabayi, uNkomokazikho Igama lomuzi kusaKuphumuleni
Waganwa umaNduli Wazala amantombazane amahlanu kuphela Igama lomuzi kuseKuthuleni
Waganwa umaNdwandwe Wazala uLuyana Luyana(uve) uLuzindela(Imboza) uFana(uKhandampefu)
uMpiyakhe akaganwanga.
Ngokwazi kwami yonke lemindeni yakwa Ziqubu iphuma Lana.
Emuva kwempi yaseNcome yahlukana lezizindlu zombili
EkaMeme yashona enhle nelakwaZulu ubezwa ngokuthakazela bethi Biyase, Joli nabantu bakhe
EkaMgudlukelwa ubezwa bethakazela bathi Mgidi katshane wena owamawele amabili
Ezinye izindlu zibiza oMgqeleMnotho, Luphond, Khathini
Bonke baqala ngoNgonyama yenduna
Mina ngika Muzikawukhe (uManukelana
KaSekwana(uNqabakucasha)
KaMhlupheki (uPhefeni) kaLuzindela(Imboza) waseKumukeni
Asibonge