Ukudla ubhedu 👈🏾 ngicela ukubuza ukuthi lesisho sichaza ukuthini?
UKUDLA – Lapha kukhulunywa ngesenzo sokufaka okuya ngasethunjini, isimo lapho uzithola uqinisa izindonga zesisu.
UBHEDU – Lapha kukhulunywa ngohlobo lwenyama ethambile emnandi itholakala lapha ngaphambidlana kwenhliziyo yenkomo, mangabe uyinsizwa eke yahliza phambilini uyayazi lenyama.
Lenyama ke phambilini ibike ikhishwe ihlonywe endukwini mase iphanyekwa emthini ihambisane nephaphu.
Ludliwa makwenzenjani ke ubhedu?
Bekuyake kuqathwe abafana mese kuthi lo obehlule bonke lenyama inikwe yena ke ayidle yedwa kuthi bonke laba abanye abafana bona ke bakhalele kwiphaphu(ingakho iphaphu kuthiwa inyama yabafana/nsizwa) iphaphu lidliwa noma iyiphi insizwa kodwa ubhedu olwalowo oyingqwele.
Sisho ukuthini lesi Sisho empilweni?
Ukunqoba ubahlule bonke, ukubaqwaqwada emakhanda.