Kusuke kushiwo ukuthini uma kuthiwa Kubonwa ngokusa
Kubonwa ngokusa vs Kumbulwa kwembeswa
KUBONWA NGOKUSA – Lapha kukhulunywa ngesimo esibucayi lapho umuntu ebambekile egula lapho ithemba selishabalele ekusindeni.
KUMBULWA KWEMBESWA – Lapha kukhulunywa ngesimo esibucayi lapho umfazi noma indoda ibambekile igula ithemba selishabalele ekusindeni.
Qaphela: Lamagama aveza isimo esifanayo kodwa umehluko ukuthi uma KUMBULWA KWEMBESWA kusuke kuganwene ngoba lo ogulayo usuke enaye umqaphi(Okuyilowo ashade okanye aganene naye) ozolokhu emumbula ingubo embheka ukuthi usaphila yini abuye amembese futhi. Makukhulunywa ngoKUBONWA NGOKUSA kukhulunywa ngongaganile/ganiwe ngoba khumbula phambilini umkipito ubungekho insizwa ibilala futhi ihlale yodwa mayingakaganwa impela ibiba nguvuka avale elawini layo, ngaleyondlela ke bekubonwa sekusile ukuthi usaphila yini.
Lesi saga sisebenza endodeni, engaganiwe, kubonakala ekuseni ukuthi ilale kanjani yingakho kuthiwa kubonwa ngokusa. Le nkulumo nayo ichaza umuntu ogula kukhulu, obangwa nezibi.