Ngabe kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongasekho?
Ukuphupha abantu esebafa imvamisa kusho izinto ezimbi. Uma bevuka bephila futhi kusho ukuthi kungenzeka ukuthi kunenkathazo ezayo kuwe. Uma behlobene nawe kusho ukuthi kufanele uyeke ukwenza izinto ezimbi kungenjalo uzoyithola usenkingeni.
Uma uphupha omunye wabantu bakini abangasekho emhlabeni, lokho kusho ukuthi basuke benomyalezo abafuna ukuwudlulisa kulabo abasaphilayo. Kuyenzeka bakhale ngokuthi balambile, lapho-ke kusuke kumelwe kwenziwe umsebenzi kuhlatshwe imbuzi, inkomo noma izinkukhu ukuze badle.

Abantu abangamaZulu bakholelwa ekutheni umuntu ohlobene naye ongasekho emhlabeni uyidlozi futhi uhlonyishwa kakhulu. Uma umuntu eshona, kukholelwa ekutheni uyahamba uya kubantu base mndenini wakhe asebashona. Kukholelwa ekutheni bazoba ndawonye babheke laba abasaphila emhlabeni. Abanye abantu bakholelwa ukuthi amadlozi angumxhumanisi phakhathi kwabuntu abaphilayo noNkulunkulu, nokuthi basebenzisana noNkulunkulu. Abantu abangamaZulu bawahlonipha kakhulu amadlozi futhi bakholwa ukuthi fanele zenziwe izinto ezifunwa amadlozi ukuze izinto zihambe kahle empilweni njengoba wona esondelene noNkulunkulu. Izangoma ziyabasiza abantu ukuthi bazi ukuthi amadlozi abo afunani kubona, njengokuthi kudingeka usiko elithile, abantu abangasekho bayafika nangephupho. Abantu abadala bayakwazi ukuhlaziya amaphupho, bayakwazi ukusho ukuthi amaphupho asho ukuthini.
Uma uphupha umuntu ongasekho owumndeni noma ubekade ewumngani nawe, ekutshela ukuthi ulambile noma uyagodola, kudingeka enzelwe umsebenzi. Uma lowo muntu omuphuphile ebekade ewu mngani, uyahamba uyotshela umndeni wakhe bese kuba yibona abamenzela umsebenzi. Uma umuntu ongasekho efika kuwe ngephupho, efika esesimeni esihle, emamatheka futhi ehleka nawe; kukholelwa ukuthi uzoletha izinhlanhla. Uma ubanamaphupho amaningi ngabantu asebadlula emhlabeni basemndenini noma uba namaphupho ongawaqondi, ungaya ukuyobona isangoma bese sona siyakutshela ukuthi kudingekani
Ukuphupha umuntu wakini ongasekho owashona ekhala kakhulu kusuke kunengozi ayibonayo ezayo kunina kungaba isifo or ukugula.
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongasekho