Ngabe kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongasekho?
Abantu abangamaZulu bakholelwa ekutheni umuntu ohlobene naye ongasekho emhlabeni uyidlozi futhi uhlonyishwa kakhulu. Uma umuntu eshona, kukholelwa ekutheni uyahamba uya kubantu base mndenini wakhe asebashona. Kukholelwa ekutheni bazoba ndawonye babheke laba abasaphila emhlabeni. Abanye abantu bakholelwa ukuthi amadlozi angumxhumanisi phakhathi kwabuntu abaphilayo noNkulunkulu, nokuthi basebenzisana noNkulunkulu. Abantu abangamaZulu bawahlonipha kakhulu amadlozi futhi bakholwa ukuthi fanele zenziwe izinto ezifunwa amadlozi ukuze izinto zihambe kahle empilweni njengoba wona esondelene noNkulunkulu. Izangoma ziyabasiza abantu ukuthi bazi ukuthi amadlozi abo afunani kubona, njengokuthi kudingeka usiko elithile, abantu abangasekho bayafika nangephupho. Abantu abadala bayakwazi ukuhlaziya amaphupho, bayakwazi ukusho ukuthi amaphupho asho ukuthini.
Uma uphupha umuntu ongasekho owumndeni noma ubekade ewumngani nawe, ekutshela ukuthi ulambile noma uyagodola, kudingeka enzelwe umsebenzi. Uma lowo muntu omuphuphile ebekade ewu mngani, uyahamba uyotshela umndeni wakhe bese kuba yibona abamenzela umsebenzi. Uma umuntu ongasekho efika kuwe ngephupho, efika esesimeni esihle, emamatheka futhi ehleka nawe; kukholelwa ukuthi uzoletha izinhlanhla. Uma ubanamaphupho amaningi ngabantu asebadlula emhlabeni basemndenini noma uba namaphupho ongawaqondi, ungaya ukuyobona isangoma bese sona siyakutshela ukuthi kudingekani
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongasekho