Sanibona ekhaya, bengifisa ukwazi ukuthi kungani kubalulekile ukuhlonipha amasiko?
Kubaluleke kakhulu ukuba leso naleso sizwe sigcine isiko laso ngoba Iingumgogodla, insika noma izimpande isizwe esizimelele ngaso. Isiko Iingenzelwa ukubonga, ukushweleza nokucela kwabangasekho. Abangasekho-ke bona bayaye bacele amandla okusiza imindeni yabo esenganeno, beyicelela kuMvelinqangi, kungakho-ke nje isikhathi esiningi abaphansi bebizwa ngabaxhumanisi. Phela yibo abaxhumanisa abaphilayo noMvelinqangi. Kubalulekile-ke ukugcina amasiko angamagugu ezizwe ngezizwe, ezincane nezinkulu, izinkulungwane ngezinkulungwane. Yiwona amasiko ahlanganisa impilo yabantu afana nenomfi ngoba kufana nokuthi axhumela ndawonye amalungu; uhlelo Iwempilo, lugcine seluhlangene njengesihlandla esisodwa. Lokhu kuyingxenye esemqoka kunoma yiluphi uhlobo lwenkolo. Kukhombisa indlela abantu abacabanga ngayo ngezulu nomhlaba nendlela ababuka ngayo impilo. Izinkolelo zalapha e-Afrika zinamathele kakhulu ezihlokweni eziphatha uNkulunkulu, amadlozi, impilo yomuntu, imilingo, okwenzeka emva kokufa nokunye. “These are an essential part ofany religion. They show the way people think about the universe and their attitude towards life itself. African religious beliefs are concemed with topics such as God, spirits, human life, magic, the hereafter, and so on. Kusadliwa ngoludala, inkolo yobuKhrestu ingakafiki kuleli, kwabe kunanyathelwe kakhulu emasikweni esiNtu. Ngalezo zikhathi izinkinga eziningi kangaka bezingekho. Isizukulwane sanamuhla sesiwabukela phansi amasiko aso, osawalandela ufaniswa nomhedeni. Isiko lokuhlonipha selaphela nya, omncane akasamazi nokuthi uYini omdala. Izingane zamantombazane nezabafana ikakhulukazi zesikole ezithandanayo sezima noma kanjani emphakathini phambi kwabantu abadala. lzintombi zanamuhla yizo esezivakashela amasoka emakubo, zingene ngamafasitela, ziphume ngawo futhi. Ukusoma phakathi kwesoka nentombi akulokothwa. Kungakho-ke nje nezinga lemilanjwana selakhuphuka kangaka. Kungakho futhi nezinga lezifo zesinene selanyuka kangaka. Izifo ezingelapheki ezibhubhisa izwe njengengculazi nje zidalwa yikho ukungaziphathi kahle entsheni yanamuhla. Nanxa zikhona ezinye izindlela esingena ngazo lesi sifo kodwa ukusithola ngokocansi kuhamba phambili. Kulahleke isiko lokuzihlonipha. Amasiko ayabathinta kakhulu abangale. Kungakho-ke nje uyaye ubone abantu abalandela inkolo yoMdabu sebegijimela kwabanamanga beyokuzwa ngezinkinga zabo lapho sebevelelwa yimiswazi. Ukusombulula lezo zinkinga ubabona sebedla imithi yesiZulu, kumbe bahlabe izimbuzi noma izinkomo sebeshweleza phela ezithutheni . Isayensi namasiko kuyasebenza, kusazoqhubeka futhi kusebenze.