Kushawa Edonsayo – Isaga
Yini le eshawayo? Inkabi okuwuhlobo lwenkomo olunamandla.
Ishawelani inkabi? Inkabi uhlobo lwenkomo olusetshenziswa mangabe kulinywa ngenxa yokuthi isuke ingeyodwa edonsa ijoka kuyenzeka enye ivilaphe kodwa ngoba lenye kusuke kubonakala ukuthi iyona ezamayo efaka amandla kuke kushawe yona khona izofaka amandla kakhulu ihudule ijoka nezinye kuqhutshekwe kulinywe.
Lesi saga siyabonakala sisebenza nakubantu ngoba mangabe ungumuntu othi uyazama kuvele kuhlalwe phezu kwakho ke kufunwe kuwena yonke into kube khona abanganakwa njengawe.
Anonymous Answered question June 17, 2021