Ngicela incazela yokuthi kusho ukuthini ukuphonsa esivivaneni?
Stan Answered question April 22, 2021
Isivivane kwakuwusiko lwama Zulu okwakuthi lapho uma umuntu ephangalele ekuhambeni kude nasekhaya okanye lapho ashonela khona. Ngenxa yokungabi namathuluzi okumba, babemba bagcine labephelela khona besese bemboza ngamatshe. njalo uma umuntu edlula ngakhona aphonse itshe kulelothuna ekhombisa ukuhlonipha nokuzithona. AmaZulu ayekholelwa ngokuthi uma enza njalo amadlozi ayobavikela edleleni abayihambayo.
Kwakuyindlela enye eyayisebenziswa ukuvikela izinyoni zezulu, ama “Scavengers” zingadli isidimbu.
Anonymous Answered question April 22, 2021