Ngicela incazelo la “Libalele nasebukhweni bezinja”
Anonymous Answered question April 21, 2021
Laphoke kusuke kunesivuvu, ilanga lisuke lishisa yonke indawo. Ubukhwe bezinja, kuyaye kuthi uma ilanga libalele, bese inja izwa ukushisa inomkhuba wokuthi iphande inhlabathi phansi bese iyalala. Kuyenzekake ngenkathi iphanda kuvele kuqhamuke inhlabathi eshisayo phansi kanti isuke icabanga ukuthi izofica ebandayo noma epholile. Ubukhwe bezinja yileso sikhundla esimbiwa yinja ngenkathi izwa ukushisa kwelanga, ngeshwake ilanga lisuke libalele nasebukhweni bezinja.
Anonymous Answered question April 21, 2021