Kusindwe ngobethole, kuchazwani la and kususelwaphi?
Yini le yeThole ekusindwa ngayo?: Lapha kukhulunywa ngobulongwe. Ubulongwe yindle yenkomo okusuke kungubutshani ekade ibudlile kuhlangene nokunye kodwa imvamisa kusuke kungubutshani.
UKUSINDA – Lesi isenzo lapho imvamisa abesifazane besebinzisa ubulongwe ukumboza iphansi lendlu ngenhloso yokuvala izintuli phansi nokuthi kubukeke kahle kuqoqekile.
ITHOLE – Lapha kukhulunywa ngomntwana wenkomo osethe ukukhulula osekwazi ukuzidlela ongasanceli.
Qaphela: inkonyane elincelayo kodwa meke laphuma ekunceleni liba iThole.
Sisho ukuthini lesiso?: Phela ubulongwe bethole abufani nobenkomo endala obethole buxube ukunuka kobisi kanye nobutshani manje iphunga lakhona liyathokozisa. Uma kusindwe ngobe THOLE kusuke kubuswa kudeliwe kujatshuliwe.