Kusuke kushiwo ukuthini uma kuthiwa kwembulwa kwembeswa
Kubonwa ngokusa vs Kumbulwa kwembeswa
KUBONWA NGOKUSA – Lapha kukhulunywa ngesimo esibucayi lapho umuntu ebambekile egula lapho ithemba selishabalele ekusindeni.
KUMBULWA KWEMBESWA – Lapha kukhulunywa ngesimo esibucayi lapho umfazi noma indoda ibambekile igula ithemba selishabalele ekusindeni.
Qaphela: Lamagama aveza isimo esifanayo kodwa umehluko ukuthi uma KUMBULWA KWEMBESWA kusuke kuganwene ngoba lo ogulayo usuke enaye umqaphi(Okuyilowo ashade okanye aganene naye) ozolokhu emumbula ingubo embheka ukuthi usaphila yini abuye amembese futhi. Makukhulunywa ngoKUBONWA NGOKUSA kukhulunywa ngongaganile/ganiwe ngoba khumbula phambilini umkipito ubungekho insizwa ibilala futhi ihlale yodwa mayingakaganwa impela ibiba nguvuka avale elawini layo, ngaleyondlela ke bekubonwa sekusile ukuthi usaphila yini.
Lesi saga sisuselwa kuMnumzane ngoba uganiwe, uma egula ebangwa nezibi usuke ekhona umakoti wakhe emembula emembesa njalo nje. Nakuba le nkulumo isho ukuthi lowo muntu ugula kakhulu, isimo sibucayi.
isiZulu sihloniphisa kakhulu ngasho inkulumo le iyahlonishiswa ukuze ingalumeli kulo okusuke kukhulunywa naye noma ngaye. Uma kukhulunywa ngokuthi umuntu umbulwa embeswa kusho ukuthi ugula kakhulu usebangwa nezibi impela. Siqhamuka ekutheni uma umnumnzane egula kakhulu usuke embathiswe inguba kanti ke owakwakhe usuke elokhu embula emembesa embheka ukuthi usenjani noma emnika okuzothiba ukugula okumphethe.