Ngicela incazelo yalesaga esithi “Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe”?
admin Selected answer as best July 6, 2021
AMANQE – Lapha kukhulunywa ngohlobo lwezinyoni zasendle ezinkulu ezidlula ngisho uheshe.
ISIDUMBU – Lapha kukhulunywa ngesiqu okanye umzimba, kungaba owomuntu noma owesilwane kodwa usuke usuhlukene nomphefumulo.
Amanqe ahlanganaphi nesidumbu na?
Amanqe phela ayiloluhlobo lwezinyoni oluphiphitha kwasani elikufica kuphangalele kungaba umuntu noma esinye isilwane wona awakhetha adla kwasani.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Mangabe usenkingeni abantu basizakala ngawe okanye ngesimo sakho, uthi usenkingeni wena kube khona abajabulayo ngokuxakeka kwakho.
admin Selected answer as best July 6, 2021