Kukhulunywa ngani le esuke igeze ngeNcokazi?
Lapha kusuke kukhulunywa ngesimo sezulu. Loluhlobo lwenkulumo lubizwa ngeSENZASAMUNTU
INCOKAZI – Lapha kukhulunywa ngohlobo lwenkomo olumbala obomvu kodwa yabe isihloba ngamashanda amhlophe lapha nalaphaya.
Sichaza ukuthini ke lesisho?
Sichaza ukuthi liphumile ilanga isbhakabhaka siyabonakala kodwa futhi linamafu alula angamumethe mvula futhi ayidlanzana.
Iningi ke malichaza lesimo sezulu liyake likhethe ukusebenzisa ukuthi “Lithe gqwa gqwa ngamafu” okungephutha ke nakho kodwa isiZulu esinothile yiso lesi esichazwe ngenhla.
Anonymous Answered question July 1, 2021