Ngabe lenkulumo isho ukuthini, “Liphume ngisho ebukhweni benja”.
UBUKHWE – Lapha kukhulunywa ngemigojana le embiwa izinja egcekeni mese zingena sakulala kuyona lemigodi.
Yini le esuke iphumile? – Lapha kukhulunywa ngeLanga.
Liphuma ngisho ebukhweni benja nje kusuke kwenzenjani?
Mangabe ilanga lishisa kakhulu kushisa ngisho inja iyake igumbe umgodi ngenxa yokuthola noma iveze lenhlabathi engaphansi emanzana okanye ebandayo ukuze ithole ukuzithoba ekushiseni kwelanga. Kuyenzekake lishise kakhulu kangangokuba ngisho noma inja ithi iyamba ingafinyeleli enhlabathini ebandayo okusho ukuthi ngisho EBUKHWENI BENJA LISUKE LIPHUMILE.
Sisho ukuthi ke lesisho?
Lapha kuchazwa isimo sezulu okuwukushisa okudlulele okanye indlela umuntu azizwa ngayo makungathekiswa.