Ngicela incazelo yalesaga esithi “Nalapho kungekho qhude kuyasa”?
IQHUDE – Lapha kukhulunywa ngenkukhu yesilisa.
UKUSA – Lapha kukhulunywa ngesikhathi lapho kuhlukana khona ubusuku nekuseni. Le inkathi lapho kuhoxa ukuhlwa buvulela indawo ukukhanya.
Phambilini amawashi engakabi bikho bekusetshenziswa izinkukhu ukukala isikhathi. Ukukhala kweqhude bekukucacisela ukuthi ubusuku buyaphela okanye buphelile sekusile sekufanele kuvukwe.
Sisho ukuthini ke lesaga empilweni?
Ngisho ngabe awunalutho okanye uswele kodwa ungavumi ukuncikiselwa umuntu onotho ngoba enokuthi mangase agudluke uyovuma phansi okanye uyoba ungumntshingo obethwa ngubani. Umuntu ubomkhulula ahambe nalo utho lwakhe kodwa nakuwena impilo iyoqhubeka.
Nalapho kungekho qhude kuyasa
Noma ngabe alikho iqhude elizokhala ekuseni kuyasa.
Kuchaza ukuthi noma ngabe akekho umuntu enithembele kuye izinto ziyahamba kahle.
Akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.