Kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakho noma indoda oyishadile izikakela maqede uyisulele lapho izikakeke khona
Leli iphupho lesichitho, uma uphupha amasimba or amakaka kuchaza ukuthi unesichitho. Indle iyinto enyanyisayo yenza umsebenzi owodwa nesichitho. Isichitho sikwenza ukuthi ungathandeki uma abantu bekubona bakunyanye. Uthuvi akuyona into enhle, kuzomele ufake umuthi wokukhipha isichitho. Iphupho lifika ngezindlela ezakuhlukene kubantu abahlukene, omunye uzophupha amasimba akhe, omunye aphuphe amasimbi ebhoshi (toilet), omunye aziphuphe enya – ukuphupha unya, omunye aphuphe amasimba esilwane, isibonelo amasimba enja, amasimba ekati, omunye aphuphe amasimba omunye umuntu uthole ukuthi uphupha amakaka engane, omunye aphuphe idede elimnyama.
Akhona amanye amaphupho esichitho, ukuphupha uhlanza noma umhlanzo, ukuphupha uchama noma ubona umuntu echama, ukuphupha izimpethu / impethu, ukuphupha iselesele or ixoxo / amaxoxo, ukuphupha inyama yengulube noma ingulube uqobo lwayo.
Ukuphupha uthuvi