Emandulo ingakafiki inkece nabelungu bengakaguquli imithetho yabamnyama intombi ibilotsholwa ngezidlo zasemasimini : kuthe ngokufika komlungu owayebizwa ngoSomtsewu wanqumela isintu ukuthi asilobole ngezinkomo washo nenani , kwaqala laphoke ukuthi kubenzima ukuba indoda ithathe isithembu kalula nokuba izinsizwa ziqonywe nje kalula ngoba nakhu zibukeka, zibe sezibheka ukuthi insizwa ezokweshela inazo yini izinkomo ngoba nakhu sekuvele ukuthi ozele izintombi uzobusa. Kube sekuba nalesagake sokuthi insizwa noma ingaba yimbi kodwa uma inezinkomo yinhle. Nanamuhlake izintombi ziyakubheka ukuthi unani.
Vezi Answered question April 21, 2021