Ngicela incazelo yalesaga esithi “ubucwi obuhle obuhamba ngabubili.”?
Ubucwibi obuhle buhamba ngabubili /
Ubucwibi obuhle bufa ngabubili
Akuzona ezokubulawa lezi zinyoni ezinhle kangaka, ezincanyana, ezivamise ukuzihambela ngambili.
• Lezi yizinyoni ezinhle ezingehlukani nangengozi.
• Uma kubonakala eyodwa, ingekho enye kumele kwazeke ukuthi iyafukamela noma ifile.
Sifundani kulezi zinyoni ubucwibi ??
= Abantu ababili ababambisanayo kwezothando indonda nomfazi bavame ukuphumelela. Isibonelo ukuze kwakheke umsindo odingekayo, insimbi kumele ibe nenye ukuze ikhale izwakale. Izinsizwa eziseshela bezivamisile ukugadla ngalesi saga lapho zizincengela entombini. Ubucwibi / ucwibi uhlobo oluthile lwezinyoni esizona lapha emfanekisweni!
Ubucu obuhle buhamba ngabubili…..
• Ubucu ubuhlalu siyavuma. Kuyiqiniso ukuthi ubuhlalu ukuze bube buhle kumele buhambe ngabubili buthontelane. Lapha sikhuluma ngobucu, uma ubuhlalu bubodwa bungafakiwe ocwini bubizwa ngobuhlalu hhayi ubucu. Empeleni izinco zihloba ngobuhlalu kodwa ubuhlalu abubi izincu uma bungathontelene ndawonye njengoba abanye namhlanje sebebiza ubuhlalu obungafakiwe ocwini ngobucu!
Isaga phela sithi : ubucu obuhle buhamba ngabubili…..
Ngamanye amagama kumele sicabange ngobucu obuwubuhlalu obuthothelene obubukeka kahle…
Ubucu (ubuningi) sebububili. Ucu (ubunye)