Isaga sisebenza makushoniwe
Isuselwa ezinkomeni, engani uma kukhona inkomo ehlatshiwe kwase kuchithwa umswani wayo esibayeni, izinkomo zibe sezinqumba kuwona umswani lowo siwuhogele, qede zibhonge, kubonakale ukuthi zikhalela ukulahlekelwa.
Le nkulumo isebenza esimweni lapho nilahlekelwe ngothandiweyo wenu, esedlule emhlabeni.
Isibonelo: abathandi bebhola lika nobhutshuzwayo bahlanganele kwaMeyiwa ukuyobhonga emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaMeyiwa.
admin Selected answer as best July 6, 2021
Ukubhonga emswanini. Yisaga. Esisetshenziswa uma umuntu ezozwelana/ezokhalisana nomuntu noma uomdeni uma kukhona okwehlile okunjengokuvela kwesifo
Jabu Nkosi Answered question June 9, 2021
Ukuyokhala Uma Nilalekelwe(eshonile/edlulile emhlabeni) othandiweyo wenu
_it’s paying your last respects_
Ms KIA Dlamini Answered question December 22, 2021