Bengifisa ukwazi ukuthi emandulo isikathi babesibona kanjani ngaphambi kokuba sibe nama washi nama foni.
Endulo ayengekho amawashi namakhalenda ngenkathi izinkukhu zisalala emthini, hhayi emahhokweni njengoba sekwenzeka namhlanje. Phela izingcwepheshi nezincithabuchopho zakithi kobantu zabe zinobuchule obesabekayo. Zazihlupha ngakho nje ukungalobi phansi into eziyiqambile noma eziyisungulile. Zazikholelwa ekudluliseni kolwazi ngomlomo, futhi yikho kanye lokhu okwenza abenkomo kaHaga basibukele phansi, UKUNGABHALI.
Inyanga beyakhiwa yizinsuku, amaviki babengenawo. Usuku belwakheka kanjena, ngesintu usuku luqala ngehora leshumi nambili. Kuthiwa kuPHAKATHI KWAMABILI, kwakubonkala ngophuma kwenkanyezi ebizwa ngokuthi INDONSA ngokudonsa usuku olusha. Kuyothi lapho kushaya ihora lesithathu, sekuyiNTATHAKUSA, sekuphuma inkanyezi ebizwa ngokuthi INKWEKHWEZI, sekukhala izinkukhu zokuqala, azikehli emthini.
Kuzothi ngehora lesine uma uphumela ngaphandle uqalaza esibayeni, sekubonakala ukukhazimula kwezimpondo zoHlangifela noJamludi, izinkabi zakwethu phela lezo, kodwa imibala yazo ayikabonakali. Sekuthiwa kuseMPONDOZANKOMO ngaleso sikhathi. Sekukhala izinkukhu zesibili. Sekuyothi lapho ligamanxa elesine kushintshe kubemnyama kakhulu. Lokho kuwuphawu olukhomba ukuthi sekuyasa.
Kuzothi ngehora lesihlanu kumadosha, bese zikhala izikukhu zokugcina bese ziyehla emthini, kushone iNkwekhwezi, kuqale kuntwele ezansi. Sekuzothi ngelesithupha ihora lapho sekuphuma ilanga. Ngelesikhombisa seziyaphuma izinkomo, kuthiwa ZIPHUMA INHLAZANA. Lawa amanye amahora phakathi kwelomkhothi neleshumi nomuvo ayengenazigameko ezitheni, kodwa nawo ayenakekelwa abalwe nawo esikhathini sosuku.
Kwakuthi lapho sekuyihora leshumi nomuvo bese zibuya izinkomo zizosengwa. Kuthiwa ZIBUYA INHLAZANE. Kuyothi lapho isithunzi sakho sesisondela kuwe baphume nazo izimpahla abafana zeluke seziya okhalweni, seligamenxe ihora leshumi nomuvo,sekusele imizuzu elishumi nanhlanu kushaye ihora leshumi nambili emini. Kuthi ngehora leshumi nambili emini ngalesikhathi isthunzi sesingaphansi komniniso, kwakuthiwa seliBANTUBADE.
Kuyothi lapho seziphunge imikhonto, sezetshisile, sezifuna ukulandelwa manje sezihalazela. Sekuyihora lesibili, kwakuthiwa kuseMINI YANTAMBAMA. Sekuzothi ngehora lesine edosheni sekubonakala seliqala ukubeka amathunzi emaqeleni bese kuthiwa SELIMATHUNZI. Kuzothi lapho selizilahla phezu kwezintaba bese kuthiwa SELIYA NGOMUTSHA WENDODA Sekuyihora lesihlanu.
Kuzothi lapho kushaya ihora lesithupha. Ngalesosikhi kusuke sekubomvana ezweni, engasekho umuntu omubi, angithi phela nomnyama akasemnyama nomhlophe akasemhlophe, kepha bonke sebebomvana benanela isimo sangaleso sikhathi. Ngalesosikhi izinkomo sezibhekise amabombo emakhaya. Ngalesikhathi nelanga seliyashona, selibalele ngisho ebukhweni bezinja. Kuthiwe lesikhathi LIBANTUBAHLE.
Laphaya emakhaya amantombazane aseyaphithizela abeka izinkobe zomcaba wamasi. Sekuyahwalala, iphume inkanyezi ebizwa ngokuthi ISICELANKOBE, kuze kubesengathi icela zona lezinkobe ebeziphekwa lomcaba. Sekuyihora lesikhombisa ke ngaleso sikhathi. Ngehora lesishiyagalombili kuhlwe kube KUSIHLWA. Kuthi lapho phakathi kwelesiphicamunwe neleshumi, kuthiwe SEKUSEBUSUKU. Sekuyikhathi sokungena ezingubeni.
Ngemva kwalokho sekuphuma inkanyezi ebizwa ngokuthi INGQONGQOYI, sewuthi lapho uhamba ungabi nesiqiniseko lalapho unyathela khona, usuyabhadazela nje. Leso sikhathi sibizwa ngokuthi KWESIKABHADAKAZI. Nanso ke indlela okwakubonakala ngayo isikhathi ngesikhathi sasendulo. Lezi izikhathi zosuku ngaphandle kwedosha elafika namaphumalimi.
UKWAKHEKA KWENYANGA kwakubhekwa ekwethwasani nokufa kwenyanga (moon) lena ephezulu. Bekwaziwa ukuthi yethwasa iwucezwana ize igcwale ibe yisimmukuthu ngemva kwezinsuku eziyishumi nanhlanu. Kuyothi emva kwalokho iqale inciphe kancane ize igcine seyifile nya emva kwezinsuku eziyishumi nanhlanu kuya kweziyishumi nesithupha, kuye ngokubhansa kwayo, lokho ababekubona bakuphawule ngokucupha emaqupheni okuqala ezandleni zabo. Baqede bethe inyanga ngezenzakalo ezaziba yisibonakaliso sokuziphatha kwemvelo.