Ukudlana imilala, yini lenkulumo isaga noma isisho, yini imilala, ichaza ukuthini lenkulumo?
Izini zona lezi ezisuke zidlana IMLALA? – Lapha kukhulunywa NGEZINJA
IMILALA – Lapha kukhulunywa ngemisipha eba semqaleni enjeni. Ubunye UMLALA.
ZIdlana imlala kwenzenjani?
Uma ngabe izinja zilwa leyo naleyo ijaha ukuya emqaleni lapho kutholakala khona umlala ukuze izokwazi ukuthiya lenye sakuyinqoba. Mangabe ubhekisisa izinja mangabe zilwa ayikho egxumela umlenze kodwa zonke zifuna umqala ngoba zonke ziyayazi imfihlakalo yokunqoba isitha noma imbangi. Ukudlana imilala kusuke kungaziwa iyiphi ezonqoba.
Sisho ukuthini ke lesisho empilweni?
Kusuke kuqhudelwana wonke umuntu okanye labo ababili bezodudulana. Ukududulana kwabo akudingi kuze kube yimpi, zingabulalana ngomdlalo womqondo nje njalo njalo.
Isisho lesi ngoba kukhulunywa ngento eyenzekayo, ukuthi zidlana imilala inkulumo le esuselwa ezinjeni uma zilumana noma zilwa ngoba ngoba zisuke zilumana entanyeni, umlala elenyama eba sentanyeni emhlophe eqinile nakumuntu imbala iyatholakala
Isisho-Lapho abantu basuke beqhudelana ngokwenza okuthile.Ebese kuthiwa “KUSHIYANA UKWENZA”.
isisho akusona isaga…..phecelezi-back stabbers nje