Ukufa kudla fumuka kudle silaza. Kusho ukuthini lokhu? Yini ifumuka? Yini isilaza?
ISILAZA – Lapha kukhulunywa ngotshwala besizulu osebubudala osebumuncu
IFUMUKA – Lapha kukhulunywa ngotshwala besizulu obusanda kukhanywa phecelezi obusebusha
Qaphela : Isitshodo neSilaza umehluko usekutheni #Isilaza sibamuncu ngenxa yokuthi vele utshwala lobu sebuhanjelwe isikhathi kanti Isitshodo buyaba muncu zisuka nje ebhandeni umangabe umuvubi ephikwe isandla.
Lesi isenza samuntu kodwa kusuke kuvezwa ukuthi ukufa kuthatha omncane(FUMUKA) kuthathe omdala(SILAZA)
Sisho ukuthi ke lesisho empilweni?
Kukhulunywa ngomuntu ongakhethi othatha noma ikuphi, kungabe uyanikwa noma uyazithathela kodwa nje wamukela kwasani.
Ifumuka utshwala obusebusha obusandokuvovwa kanti isilaza utshwala osebubdala