Ukukhihla esikaNandi
Ubani uNANDI? UNandi Indodakazi kaBhebhe Inkosi yesizwe saKwaLangeni Inkosikazi kaSenzangakhona(ubaba KaShaka) ungumama KaShaka.
Yini ukukhihla okanye ukusikhihla? Makukhulunywa ngokusikhihla kukhulunywa ngokukhala okuhambisana nomunyu.
Kukhihlwa esikaNandi nje kwenzenjani? Emva kokudlula emhlabeni kukaNandi kwaba nomunyu esizweni saMaZulu kangangokuba kwakhalwa eside isikhathi, kwakunomthetho wokuthi wonke obonakalayo makabonakale ekhala njengophawu lokuzwela ngokudlula kukamama wesizwe saMaZulu. Kusolakala ukuthi iLembe labeka ukuthi lokhu kuzilela nokukhalela uMama walo makube unyaka wonke.
Esikhathini samanje ke umuntu mayethi #Uzokhihla_EsikaNandi usuke echaza ukuthi uzokukhalisa futhi awuzosheshe uthule.
Anonymous Answered question June 17, 2021