Kusuke kushiwo ukuthini uma kuthiwa umuntu “Ukukhalelwa amasongo kaSigonyela”, futhi kusukelaphi lokhu?
Umakuthiwa ukhalelwe amasongo kaSgonyela usuke uboshwa ngozankosi(handcuffs)
Kwathi ngo-1837 iNkosi uSigonyela waba nenkinga nombuso wakwazulu wayentshontshe izinkomo ezaziyigugu KwaZulu, izinkomo KwaZulu zaziyifa elikhulu, zazivikelwa njengemali futhi ayilutho imali. Isilo uDingane nokuyiso esasibusa ngaleso sikhathi sadinwa sawotha ubomvu sasabisa ngokuthi sizophaka impi enkulu.
Kwafika amaBhunu ayeholwa wuPiet Retef athembisa iSilo ukuthi azozilanda zonke izinkomo, iSilo sawathuma lamabhunu ahamba ephethe amasongo. Afikake enkosini uSigonyela ayikhohlisa athi “Nkosi sikupbathele nanka amasongo amahle okuhlobisa izandla”. Yajabula inkosi, ayigqokisa amaBhunu qede athi ‘woza nkosi’ sihambe siye kwaZulu lapho webe khona izinkomo.
Ayiqhuba amabhunu nomhlambi wezinkomo, endleleni ayidedela yagoduka yabuyela ekhaya, ahamba nazo izinkomo. Afika eSilweni azethula izinkomo ezinye azifihla. Igama OZANKOSI (amasongo kaSigonyela) laqhamuka kanjaloke.