Uma umuntu ethi “ungabe usapholisa’maseko”, kusuke kusho ukuthini lokho?
Lesi sisho sichaza ukulinda. Okusho ukuthi uma kuthiwa “ungabe usapholisa’maseko” kusuke kushiwo ukuthi ungabe usalinda phuthuma njengamanje.
Yini amaseko
Amaseko ngamatshe lawa aye aseke kumbe axhase imbiza (ibhodwe) uma inamanqina angalingani noma ingasenawo omunye umlenze. Kuyaye kufakwe amaseko ke ngaphansi kwaleyo mbiza ukuze ixhaseke ingawi, lokhu ke kwenziwa kwimbiza le esipheka ngayo phandle.Lawo matshe uma usuqede ukupheka ngeze wawabamba ngoba asuke eshisa bhe! Ayaye alindwe aze aphole ukuze abambeke, yingakho ke kuthiwa ukulinda ukupholisa amaseko.
Ungabe usapholisa maseko
UKUPHOLISA – Lapha kukhulunywa ngokudambisa ukushisa.
AMASEKO – Lapha kukhulunywa ngamatshe abushelelezi atholakala eduze nomfula ngenxa yokukhafulwa amanzi kodwa avamise ukutholakala kakhulu maduzane nolwandle.
APHOLISWA MAKWENZENJANI KE AMASEKO?
Phambilini ugesi ubungekho bekubaswa phansi Imbiza ibiphakanyiswa mhlambe ngobumba kubaswe umlilo ngaphansi izothi imbuthuma isikahle kufakwe AMASEKO ngaphansi ngwembiza emlilweni. Lokhu bekwenziwela ukuthi kungashi ukudla ngenxa yelangabi lomlilo. Uma ngabe esebomvu AMASEKO bezihlehliswa izikhuni kuqhutshekwe kuphekwe ngokushisa okukhafulwa amaseko emva kokukumumatha kukuthatha emlilweni.
Mase kuqedwe ukupheka AMASEKO abekhishwa eziko ayopholiswa ke ukuze angabi ingozi makwenzeka izingane zidlalela eziko zingashi.
Uma ngabe inkemane isidlangile bekuyake kube ukuthi kumele kudliwe asizoba khona iskhathi sokuyopholisa AMASEKO akuphakwe kuzogcinwa ngawo amaseko ukuthi apholiswe.
SISHO UKUTHINI LESISHO?
Sichaza ukuthi sheshisa okanye yenza masinyane.