Ngabe kusho ukuthini ukuphupha amanzi?
Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha amanzi amaningingi ahambayo
Ngiphuphe kuvuleleke amanzi eBathroom iStopper sivalile, manginhena endlin ngyzwa ukuth amanzi ayahaza aseyagcwala asezophumela e-passage ngaphuthuma ngisizwa ingane yasekhaya ngavula iStopper, ngavala impopi amanzi ancipha aze aphela.
Uma uphupha ukuthi uphuza amanzi kuyinhlanhla enhle uma nje ingilazi igcwele futhi amanzi ehlanzekile. Uma amanzi enodaka noma ingilazi ingcolile noma ifile uzolahlekelwa yinto ebalulekile maduzane noma umuntu omaziyo uzokucela usizo. Kanti ke ukuphupha amanzi ahlanzekile, phakathi kuwo kukhona izinhlanzi kanye nenyoka – lokho kusho ukuthi izinto zakho ziyakhanya noma zimhlophe.
Ukuphupha amanzi angcolile futhi eyizikhukhula kusuke kukhomba ukukhulelwa okungaba kuwe uma ungumuntu wesifazane noma okungaba komunye umuntu osondelene nawe. Kephake uma ehlanzekile asuke ebika ukusuka kwebhadi ebelikusingathile noma ubungozi obukade ubhekene nabo, kungaba ubungozi obuwazi ngabo noma obukade ungazi ngabo.
Ukuphupha amanzi kusho ukuthini.