Uma uphupha ukuthi udla amaqanda kusho ukuthi uzoba nempumelelo emsebenzini noma esikoleni. Kodwa uma amaqanda ebolile kusho ukuthi kuzoba nenkathazo empilweni yakho.
Ukuphupha amaqanda afile – Kusho ukungaphumeleli kulokho okwenzayo noma obuhlose ukuqala ukukwenza, kungaba ngokwemfundo, umsebnzi, ibhizinisi, uthando njalo njalo.
Ukuphupha amaqanda angafile noma asechamiselile – kusho ukuphumelela kulokho okwenzayo noma osezinhlelweni zokukufeza. Kanti uma engafile efukanyelwe isikhukhukazi kuchaza ukuthi izinhlelo zakho zivikelekile, abukho obungozi obungase bulimaze ozama ukukwenza.
Ukuphupha amaqanda enkukhu kuchaza into enhle ezokwenzeka empilweni yakho, kungenzeka futhi leliphupho lichaze ukuthi ukhulelwe. Ukuphupha amaqanda kuhambisana nento enhle ezokwenzeka empilweni yakho.