Bengicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha inyoka?
Ukuphupha Inyoka Ikushaya Enokumhlophe Nokumnyama Ikushaya Esihlakaleni? Ibingeyodwa Inyoka Ephusheni
Cela ukubuza uma uphupha ushaya inyoka emhlophe inhlwathi.
Ukuphupha inyoka noma izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo. Kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokozela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka.
Uma uphupha inyoka noma izinyoka bese kuvela nomuntu kulelophupho, kusho ukuthi naye lowomuntu uyathinteka kulezozitha obhekene nazo.
Ukuphupha inyoka yabathakathi, okuyinyoka emnyama enomgogodla omhlophe, lokho kona kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka, lowomuntu usebenza ngokuthumela yona leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.
Kanti ke okunye uma uphupha ubona izinyoka nje kukhomba ishwa ekusaseni lakho, lokho kufakazelwa wuhlobo oluthile lwenyoka eqondene nabadala esuke isho ukuthi amadlozi akuthukuthelele futhi othile uzokukhaphela ikakhulukazi uma inyoka ikhuluma.
Omunye angathi: “Ngiphuphe ngibona inyoka ensundu ihamba iya ngapha nangapha, kuthe kusenjalo kwaqhamuka emnyama yona izihambela kahle” – Leliphupho lisho ukuthi kukhona isitha esikugadlayo kodwa ke ithongo lakho liyakuvikela.
Ngokujwayelekile amaphupho ngenyoka axwayisa ngesitha kepha akuhlale kunjalo ngaso sonke isikhathi. Izinyoka ezifana nomdlume, ibululu, umzondo kanye nempumputhe azikhombi isitha. Lezi yizinyoka ezingenabo ubungozi obungafaniswa nobesitha, zona zikhomba inhlanhla engase ikwehlele esikhathini esifushane esizayo. Imvamisa leyonhlanhla isuke izovela ngomuntu ongesiye owasekhaya.
Cela kubuza kuthi uma kulelophupho inyoka kade ingakujahi uhamba wedwa inijaha nogogo wakho koda nigcine niyishiyile kuchazani?
Ukuphupha inhlwathi izele izinhlwathi eZincane kusendlin nebhubesi
Thokoza ukuphupha inhlwathi izele izinhlwathi eZincane kusendlin nebhubesi kuchazani
ukuphupha inhlwathi ikuhubha ithi iyakugadla uvike ngenkomo ebomvu ubone inyoka isizirolile enkomeni endlini niyiqhaqhe maqede inyoka ibaleke
Ngicela ukubuzaukuphupha inyoka ephuzi enemaspot a black…ngihlez ngasemanzin,den yaphuma yashintja Yaba umuntu ingigijimisa…iyongifaka kibo mama.ngathola kunomcimbi kujabuliwe..
Ngicela ukubuzaukuphupha inyoka ephuzi enemaspot a black…ngihlez ngasemanzin,den yaphuma yashintja Yaba umuntu ingigijimisa…iyongifaka kibo mama.ngathola kunomcimbi kujabuliwe..
Ngicela ukubuza, ngiphuphe ngingena kamakhelwane ngithola igceke elingahlanzekanga kubonakala sengathi kukade abantu bangasahlali kulo futhi linephunga elibi. kusenjalo ngibona inyoka enkulu emnyama kungathi ibaneminal emhlophe efile ngathi isiyabola. ingabe kuchazani loko?
Bengicela ukubuza ukuphupha inyoka ebomvu kusho ukuthini
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha usendaweni emnyama usontwe inyoka eBrown
Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha inyoka yabafazi enkulu izihlalele nje ngaphandle mina ngase ngiybulala
Cela ukubuza ukuthi kusho ini ukuphupha inyoka e yellow ingenalo ulala.
Kusho ukuthini ukuphupha izinyoka eziningi egcekeni kuze kubengathi zikhona nasendlini ,kodwa awuyikhonjiswanga imibala yazo
Ngicela Nandi I caseload ngiphuphe umyeni wami kungathi sibona inyoka encane kungathi eyanantu abadala angikwazi ukuyihlukanisa ibisahincane kungathi siyayibulala Uma ikhala wathi kuzoqhamuka unina ngengathi eyikhalisa unina well esihlahleni kodwa ibimnyama wazama ukuyishaya…kodwa ngengathi izangakimi ngiyibalekela ibimhlophe kungathi ifuna mina nqo ngagibela ngathi ngiyayishaya yangashayeka ngaphaphama kusho ukuthi siyadiborcer nomyen
Ngicela ukubuza ukuth kuchazani ukuphupha inyoka emhlophe enkulu?