Ngabe kuchaza ukuthini ukuphupha ulwandle?
ngiphuphe ngimi entabeni ngibuka ulwandle ezansi. beluncwebile njenge gilazi kubonakala ngisho izintaba phakathi kodwa lona belenganyakazi bekuhamba ofishi kuphela , belucwebe ngalendlela yokuthi bekungathi luyigilazi ngaphezulu ngaphansi umbona ofishi behamba bekukhona amadoda amabili abe xebula umkhoma
Ulwandle luhle lunamandla, luyahlanza (clean), ingakho izangoma nabathandazi beya olwandle bayogeza, uyakwazi futhi ukuya olwandle uyokwenza isicelo sakho. Amanzi olwandle akha iziwasho, futhi akha nomuthi. Mahle amanzi olwandle ukuwabeka endlini yakho kuxosha amaphupho amabi. Ngabe ke kusho ukuthini ukuphupha ulwandle? Uma uphuphe ulwandle, vuka ngalolosuku uye olwandle namakhandlela akho amhlophe, uwalayithe ucele lesicelo okade wawufuna sifezeke. Ngokunjalo nokuphupha umfula. ukuphupha uhamba phezu kwamanzi noma uhamba phezu kolwandle, leliphupho likukhombisa ukuthi unamandla angakanani.
Ngingenzenjani ngoba ngiluphuphile ulwandle lunamagagasi azolile kodwa manje anginayo into yokuhamba ngiyekhona olwandle, yikuphi okunye engingakwenza
Ngicela ukubuza ngenzenjani ngoba ngiliphuphile ulwandle inkinga yam ngikude nalo yikuphi okunye engakwenza
Uma uphupha ubona ulwandle kuyinhlanhla uma amagagasi ezolile kanti ishwa uma egubha ngokhahlo. Uma amagagasi emakhulu futhi ekushaya ekuwisa kusho ukuthi kofanele usebenze kanzima ukuze uphumelele. Uma uhamba phezu kwamanzi kusho ukuthi uyoba nempumelelo kokwenzayo ikakhulukazi uma ushada.
Kusho ukuthini ukuphupha ulwandle luza egceken ekhaya Kodwa luzolile liduma izulu liwisa amatshe?
Ukuphupha uhamba phezu kwamanzi olwandle la kuhamba khona imikhumbi kungaba kusho ukuthini
Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uma uphupha umuntu ebhukuda olwandle
Kushi ukuthini ukuphupha indlu yodaka endala,futhi uthi uyabheka kukhona nendlu efana neyezinyosi khona la umehluko akusizo izinyosi amakokoroshe
Ukuphupha uhlel ngaphans kolwandle ucosha ama shells uhlel no Munt wesifazane ofake iduku elimhloph nezembatho ezinobubomvu Ku chaza ukthin .
Ngiphuphe ngibukiswa emanzini olwamdle ngyabonga izingane Zama ntombazane zigoqiwe kwathiwa angikhethe eyami