Ngabe kusho ukuthini ukuphupha umuntu ongasekho ethi uyagodola?
uchwepheshe Answered question January 9, 2021
Leliphupho lithinta umsamo wakho/wakini, liphinde lixwayise ngobubi obuzayo nezikweleti zomsamo.
Uma uphupha umuntu ongasekho owumndeni noma ubekade ewumngani nawe, ekutshela ukuthi ulambile noma uyagodola, kudingeka enzelwe umsebenzi. Uma lowo muntu omuphuphile ebekade ewu mngani, uyahamba uyotshela umndeni wakhe bese kuba yibona abamenzela umsebenzi. Uma umuntu ongasekho efika kuwe ngephupho, efika esesimeni esihle, emamatheka futhi ehleka nawe; kukholelwa ukuthi uzoletha izinhlanhla. Uma ubanamaphupho amaningi ngabantu asebadlula emhlabeni basemndenini noma uba namaphupho ongawaqondi, ungaya ukuyobona isangoma bese sona siyakutshela ukuthi kudingekani.
uchwepheshe Answered question January 9, 2021