Sanibona, bengisacela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha utshwala?
Amaphupho ngotshwala besintu abika ukuthi idlozi lakho alijabulile. Lokho kusho ukuthi kukhona okuthile okumele ukulungise okuqondene nomsamo wakho, ngakho ke kubalulekile ukuba uqaphele indawo okuyo nabantu abasuke bekhona kulelo phupho. Isibonelo nje: uma uphupha uphuza kuleyo ndawo kukhona nengane oyizalayo, lokho kungaba yisixwayiso sokuthi kusamele uyenzele umcimbi wokuyibika emsamo ngendlela efanelekile leyongane. Kungaphinda futhi kube ukukukhumbuza ukuthi kusamele uyenzele imbeleko uma ubungakaze uyenzele ngaphambilini ikakhulukazi uma kuyingane yokuqala.
Uma uphupha uphisa utshwala kusho ukuthi maduzane uzovakashelwa ngumuntu osuka kude. Uma uphupha uphuza utshwala endaweni yokucisha ukoma lokho kusho ukuthi uzokwenza okuthile okuzokudalela isitha maduzane.
Incazelo yaleliphupho lokuphisa utshwala liyaya futhi ngokuthi ungubani wena ophisa lobotshwala ephusheni. Uma uphupha ukuthi uphisa utshwala ube uyindoda, lokho kungasho ukuthi maduzane nje uzovakashelwa ngumuntu okade wagcina ukumbona. Uma ungowesifazane kungasho ukuthi uyivila futhi kufanele uzame empilweni ngaphezu kwalokhu okwenzayo manje.
sanibona,bengsacela ukubuza ukuthi ngabe kuchazani ukuphupha abakhabo baba wengane bekhuleka bese bekuphuzisa utshwala besiZulu?
Ngiphuphe ngiphahla ngibheke entshonalanga ngilengani yami