UKUTHATHA – Lapha kukhulunywa ngesimo lapho ususa into endaweni uyiqukule kukuwena ke ukuthi uyibeka kwenye indawo noma uyigcina ngakuwe, kodwa ukuthatha ngamafuphi ukususa into endaweni yayo.
UZWANE – Lapha kukhulunywa ngendawo esekuqaleni konyawo pheceldzi iminwe yonyawo kodwa yona ibizwa ngezinzwane mase uyiyisa ebuningini. Uzwane kukhulunywa ngobhozo kuyophuma kucikicane makuhamba ngakunye kubizwa uzwane.
Ngenxa yokuthi umuntu imvamisa uñezandla azisebenzisayo mangabe ethatha akubukeki futhi akugunyaziwe ukusebenzisa unyawo nezinzwane mangabe ethatha into.(Asikuqonde ukuthi kukhona abakhubazekile abangenazo izandla, izinyawo nezinzwane ikona abakusebenzisayo ukucosha nokuthatha izinto)
Sisho ukuthini ke lesisho empilweni?
Kukhulunywa ngokweba la okanye ukuntshontsha.
Mangabe uzothatha into ngozwane usuke uyithathe sakuyifisa okusobala usuke ungenayo imvume ngoba ogunyaziwe ukuba athathe into angayithatha ngesandla kubuka wonke umuntu.
Akuzona zonke izinto ezingathatheka ngozwane kepha ngenxa yokuthi izinto ezithathwa ngozwane zithathwa sinyenye ingakho kwaqhamuka lesisho.
Ukuthatha ngozwane
Ukuntshontsha
isibonelo
Ungalokothi umshiye yedwa endlini yakho uVela , ngoba ungumuntu okhonze ukuthatha ngozwane