Ukuholela/Yengela Ophathe
UKUHOLELA – Lapha kukhulunywa ngokuhamba nomuntu ngenhloso yokumkhombisa indlela yalapho elibangise khona.
OPHATHE – Lapha kukhulunywa ngendawo engasoLundi iyihlathi kangangokuba sekwaze kwakhiwa indawo yokungcebeleka futhi eyisiqiwi kulendawo.
UMlando uthi Abelumbi sebefikile kwelikaZulu uCetshwayo wabayenga wazenza obabekele imfuyo khona Ophathe. Nangempela ondlebe zikhanya ilanga bathi mebethi nhla babona kumhloshana kuneminye imibala emihle bakholwa ukuthi imfuyo kanti Inkosi uCetshwayo ufihle ibutho Ophathe lokhu abelumbi ababekubona kwakungamahawu akhiwe ngezikhumba hhay’ukuthi kwakuyimfuyo. Abelumbi bathi sebephakathi bethi bazothatha imfuyo labavukela iqembu lenkosi uZulu wabafaka imikhonto abelumbi waqeka ngabo.
Sisho ukuthi lesisho?
Ukunxenxa umuntu okanye ukuchazela umuntu ukuthi akaye ndawana thize/ okanye enze okuthize kanti wena uyazi ukuthi kunobungozi.
Lesisimo sokukhuluma sichaza ukuthi ukulinga umuntu kube ngathi khona into enhle ozomenzela yona noma ozomkhombisa yona kanti uzombulala.
Sakheka emva kwempi yaseNcome lapho uZulu ayehlulwe khona abamhlophe, kwathi lapho uBhongoza wakwaNgcobo eqonda isilo saseMgungundlovu uDingane kaSenzangakhona. Wathi uzobayenga abamhlophe bazovela bambuze ukuthi inkosi ikuphi.
Wabe esenza kanjalo-ke uBhongoza bambamba abamhlophe, bathi ikuphi inkosi wathi uzoyobakhombisa, kanti izinsizwa zakwaZulu zazisithe phakathi kwezinkomo ngamahawu. Bathi bangasondela nje abamhlophe uZulu wemuka nabo uthuli ngomkhonto. Babecabanga ukuthi izinkomo.
Sakheka kanjalo-ke isimo sokukhuluma uBhongoza wayengumuntu oyokhomba inkosi uDingane ehlathini OPhathe lapho eyayiqube khona.