Ukuholela/Yengela Ophathe
UKUHOLELA – Lapha kukhulunywa ngokuhamba nomuntu ngenhloso yokumkhombisa indlela yalapho elibangise khona.
OPHATHE – Lapha kukhulunywa ngendawo engasoLundi iyihlathi kangangokuba sekwaze kwakhiwa indawo yokungcebeleka futhi eyisiqiwi kulendawo.
UMlando uthi Abelumbi sebefikile kwelikaZulu uCetshwayo wabayenga wazenza obabekele imfuyo khona Ophathe. Nangempela ondlebe zikhanya ilanga bathi mebethi nhla babona kumhloshana kuneminye imibala emihle bakholwa ukuthi imfuyo kanti Inkosi uCetshwayo ufihle ibutho Ophathe lokhu abelumbi ababekubona kwakungamahawu akhiwe ngezikhumba hhay’ukuthi kwakuyimfuyo. Abelumbi bathi sebephakathi bethi bazothatha imfuyo labavukela iqembu lenkosi uZulu wabafaka imikhonto abelumbi waqeka ngabo.
Sisho ukuthi lesisho?
Ukunxenxa umuntu okanye ukuchazela umuntu ukuthi akaye ndawana thize/ okanye enze okuthize kanti wena uyazi ukuthi kunobungozi.