UKUBAMBA – Lesi isenzo, Lapha kukhulunywa ngokubeka isandla maqedana usivale sakubopha ukuze into ingaphunyuki/inganyakazi.
Yini le ebanjwayo ingashoni?
Lapha kukhulunywa ngeLanga okuyilona elihlukanisa ukusa nokuhlwa.
UKUSHONA – Kuyaba ukudlula komuntu emhlabeni kodwa masikhuluma ngokushona kwelanga sikhuluma ngesikhathi lapho selilibangise kunina.
Sisho ukuthini ke lesisho?
Lapha usuke usongelwa uqwashiswa ukuthi cishe kukhona okungakwehlela ongeke wakuthanda.
Khumbula ukuthi emini abantu abazenzi izinto eziphambene ngoba banokusaba ukubonakala kodwa ebsuku kugida nomthakathi. Makuthiwa ulibambe lingashoni kuthiwa qinisekisa ukuthi kuhlezi kuyisemini ngoba meke lashona kuzoshuba kuwena.
admin Selected answer as best July 6, 2021