A. isaga-isaga asiguquki sihlale sinjalo nje usibiza ngendlela eyodwa noma ngabe kunjani. isibonelo sesaga: isalakutshelwa sibona ngomopho, asishintshi ngisho usuthanda ngeke.
B. Isisho-ungakwazi ukusiguqula, isibonelo: ukugqemeka engeqiwa ntwala, ungakwazi ukuthi “ngigqemeke engeqiwa ntwala, noma uthi “bagqemeke engeqiwa ntwala”
Isaga asishintshi kodwa isisho siyaguquleka. Kanjani na?
Awubheke lana muntu wakithi Uma ukhuluma ngomuzi owawuhlaba njalo kudala uzothi “Yayiphekwa ngomhluzi wenye” sewusho inkathi edlule ungaphinda futhi uthi “Iphekwa ngomhluzi wenye mawusho inkathi yamanje, kodwa isaga sihlala sinjalo akesithi kwalimala umuntu kudala uzothi “Walimala ngenkani yakhe singathini kodwa ngoba Isalakutshelwa sibona ngomopho” noma uthi “Ohlaba eyakhe akaphikiswa wazithathela yena isinqumo”
Kushintsha amagama ahambisana nesaga kube iwona akhomba inkathi kanti isisho siyakwazi ukukhomba inkathi.
(umehluko phakathi kwesaga nesisho)
Isisho – lapha sibonakala ngokuthi kube inkulumo esakubhingqa noma ukugigiyela.
-Isisho siguquguquka nezinkathi (tenses)
-Siba umusho ongaphelele
-Siqala ngesiqu u -UKU, imvama
Isibonelo: “Ukuvuka inja ebomvu.”
Isaga
-Inkulumo eqonda ngqo engagigiyeli
-Asiguquki nezinkathi
-Singumusho ophelele
Isibonelo: “Indlu yegagu iyanetha.”
ISIFENGQO
Isifaniso -isingathekiso -isenzasamuntu -isenzasasilwane, njll. Lezi izinhlobo zezigengqo
Isifengqo lapha usuke uthatha into uyibiza ngenye.
Isibonelo : “uYamela inyoka” (isingathekiso)
“Safica inyoka igcwele indlu” (ihaba)