Ngicela ukwazi umehluko wesangoma nenyanga?
Umehluko phakathi kweNyanga nesangoma Yini?
Endulo isangamo noma izangoma zazaziwa njengodokotela bahlahlayo kodwa bengalikhiphi ikhambi. Isangoma sasithwasisa, sibhula bese siphakamisa imimoya kuphela. Amakhambi ayeyaziwa isangoma kwakuzimpande zamagobongo kuphela. Kodwa ekuhambeni kwesikhathi, izinto zashintsha isangoma sabe naso sesiphatha amakhubalo nazozonke izifico ngenxa yokuthi zazibulawa ngabathakathi, ngoba bazi ukuthi azinayo imithi yokuvika zithembele edlozini. Kwabe sekungukushintsha kwendabuko yobungoma nazo seziphatha imithi.
Inyanga umuntu ongakwazi ukubhula noma ukuhlola kokwasendabukweni. Inyanga kwakuthi uma umuntu esebhulile esangomeni bese eya enyangeni ukuyofuna imithi. Inyanga singathi ngokwesilungu I “Pharmacist”. Inyanga ifundiswa imithi idlozi ebusuku ilele…. ukuze inyanga yazi into kufanele ize ilale bese idlozi liyayikhomba. Kodwa ke esikhathini samanje usuthola izinyanga sezibhula.
Izangoma sesimanje sekuthiwa izangoma/zinyanga ngoba seziphuma zazi imithi eyayikhonjiswa izinyanga kuphela kungakho uthola ukuthi umuntu uyinyanga ebhulayo futhi eyhwasisayo, kungenxa yokuthi ukwenze konke… ubunyanga kuthina bangoma bunjenge “Bonus”.
#ISANGOMA – Lapha sikhuluma ngomshayi mathambo sikhuluma ngombhuli umhlahli uqobo lwakhe. Isangoma siyakubonela siphinde sikulaphe ngoba namakhatha khatha siyawazi.
#INYANGA – Lapha sikhuluma ngomulaphi wendabuko wazi amakhathakhatha izigulo zenyama ubizelwe kuzona.
Umehluko phakathi kwabo bobabili ukuthi Isangoma sikwazi ukubona futhi silaphe ngisho izigulo zikamoya kanti inyanga ishaya ezenyama kphela. Ubungoma buyathwaselwa kanti ubunyanga kudluliswa izikhwama nolwazi.