Ngicela incazelo yalesaga esithi “Umkhumiso usulingene izintondolo”?
-Intondolo yimbuzi yeduna esuke isitheniwe.
-Umkhumiso wukudla okuthile okwenza izimbuzi zikhuluphale.
Izimbuzi ngokujwayelekile zikhunyiswa kanye ngonyaka kanti izintondolo kuba ngaphezudlwana. Inhloso yokukhumisa izintondolo ngokuthe xaxa yingoba zihlatshiswa abekhethelo. Izintondolo zikhunyiswa noma kathathu ngonyaka. Ngakhoke mhla kwenziwa umkhumiso wezintondolo usuke ulingene isibalo salezo ezizokhumiswa. Ngakho amathuba okusala kwawo mancane.
Yingakho kwaze kwavela lesi saga esichaza ukuthi into ethile ibilingene abantu abasesibalweni ikakhulukazi ukudla.
Izaga ezihlobana nalesi ngokwencazelo :
1. Injobo ilingene umnsinsila
2. Amageja alingene abalimi
umkhumiso umuthi oyaye unikezwe noma ufunzwe izimbuzi uma ufuna zikhuluphale, kwathiwa umkhumisho ngoba ziyawukhuma cos usampushana, invamisa yawo wawukhunyiswa izintondolo kuphela ngoba yizo izimbuzi okufanele zikhuluphale ngenxa yokuthi kuthathwa zona uma kwenziwa imisebenzi, so lenkulumo ke le isuke seyisho ukuthi “okukhona kulingene labo abakhethekile or abathile” iyafana kanye nale ethi “amageja alingene abalimi”