Imvelaphi nomlando wesibongo sakwa Mahlalela
Inkosi uSihlase Thabede uzalwa uMaphisholo kaMahlalela kaNakazi Thabede. Isizwe sakwaMahlalela silaphaya oPongolo ngaphansi kobukhosi bakwaThabede… USihlase wakhonza eSilweni sakwaNodwengu iSilo uMpande. USihlase nesizwe sakwaThabede bangabokudabuka eSwazini.. Kodwa abakwaThabede uqobo lwabo basuka eKenya behla njalo baze bafika eSwazini.. babehlala endaweni ayetha uSihlase ngokuthi yiGolela, ekhona namanje. Isizwe sakwaThabede siphethwe oSuthu kwaMinyamanzi, iSilo uCetshwayo wacela umfowabo uMnyayiza ukuba ambhekele izizwe ezazingaphesheya komfula uPhongolo okubalwa nesizwe sakwaThabede esasikhonze eSilweni uMpande.. USihlase wayetha lendawo ngomkhulu wakhe wathi yikwaMahlalela.. (USihlase kaMaphisholo kaMahlalela kaNakazi) Njengamanje inkosana yasendlunkulu yobukhosi bakwaMahlalela nguDlinya Absalom Thabede ozalwa yinkosi uMagayisa Thabede (okhona ngisho ezibongweni zesilo uMdlokombane) uDlinya Absalom Thabede uzalwa uMagayisa ongumzukulu WeNkosi uNhlamvu Thabede (owalwa izimpi zeNkosi uCetshwayo eSandlwana waphinda wayibamba ishisa eNcome) inkosi uNhlamvu uzalwa inkosi uSihlase Thabede.