Yini uBHOKWE?: Ubhokwe induku edle ngokuqina okanye ebekezelayo engaphuki kalula.
UMTHWALO: Yinoma yini edinga ukuphathwa noma ukuthwalwa.
Umthwalo ufunani obhokweni?: Phambilini bekusetshenziswa ubhoko njengendlela yokuphatha noma ukuthwala imithwalo kangangokuba namanje kwamanye amazwe kusenzeka lokhu.
Umthwalo Usobhokweni – kuchaza ukuthi usukulungele ukuhamba imigodla yakho imi ngomumo.
Umthwalo usobhokweni. Lapha kusuke kuchazwa isimo sokuthi umuntu usekulungele ukhamba, phela siyazi ukuthi ubhoko, wuhlobo oluthile lwenduku olwaluhlala endaweni yalo lodwa ngoba umnini walo wayehlala ehamba nalo njalo, ngakho wayenga dingi ukulubheka uma ezohamba… Nomthwalo uma ususobhokweni usuke usubekwe lapho, sekulindwe umzuzu kuphela!
kuqala bezingekho izikhwama/oshekhasì,imithwalo ibifakwa obhokweni bese umuntu ewentshatha noma bewuxhake bebe babili abantu ngapha-nangapha bebambisane kuhanje-kwe. so uma umuntu eselungele ukuhamba bekubonakala ngomthwalo esewuhlome ku ubhoko ukuthi hhayi useyindlela/useyahamba.